input
string
ZIYANDA izinhlangano ezifaka uMnyango weMfundo eyisiSekelo enkantolo ngodaba lokubhalwa kabusha kwamaphepha aputshukile kamatric njengoba ne-AfriForum izoya enkantolo kusasa.
ZIYANDA izinhlangano ezihlela ukuphonsela inselelo isinqumo sekhomishini eyengamele ukhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), sokuvula elinye ithuba lokuthi kufakwe amagama abantu abazongenela ukhetho.
ZIYANDA izinkinga ezikhungethe uNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Zweli Mkhize.
ZIYANDA izinkinga zabantu baseNingizimu Afrika njengoba ukunqamuka kukagesi kuqeda namanzi athunyelwa emakhaya nasemafemini.
ZIYANDA izinkinga zeChippa United osekuvele ukuthi izobanjelwa imali kwisibonelelo esitholwa nyanga zonke ngamaqembu adlala kwiDStv Premiership.
ZIYANDA izinkinga zeSouth African Post Office (SAPO) njengoba uMcwaningi Mabhuku Jikelele uNksz Tsakani Maluleke ethole ukuthi alinayo imali.
“Ziyanda kakhulu izingane ezicelayo ngesikhathi sikaKhisimusi. Laba abenza lo msebenzi basuke befuna ukuthola imali ezivakashini,” kusho u-Elson.
“Ziyangijabulisa izindaba engizizwa namuhla ngoba kuningi ebesinesifiso sokwabelana ngakho nabantu bakuleli.
“Ziyangijabulisa lezi zindaba njengoba ngikholwa wukuthi zizoshintsha okuningi endimeni yokulingisa nakubalingisi ikakhulukazi base-Afrika. Lena yifilimu yokuqala yase-Afrika ukukhonjiswa kulesi siteshi nokuyinto esho lukhulu kimina,” kuchaza uPearl.
Ziya ngokwanda izinhlelo ezivumbulula abasiki bengqephu njengoba neSABC 1 inolwayo iRaw Silk eyethulwa nguPearl Modiadie.
ZIYAPHELA izinsuku zobumpohlo kumlingisi weSibaya uNhlanhla Mdlalose ozoshadelwa yisipawupete sakhe seminyaka.
ZIYAQALA kusasa izinyembezi kwi-Euro 2020 njengoba lo mqhudelwano usungena esigabeni somkhumulajezi, i-last 16 lapho iphutha elincane osekuyilona kanye elikufaka endizeni ebheke ekhaya.
ZIYAQHUBEKA izigameko zokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane yize kunomkhankaso oqhubekayo wokulwa nalesi sihlava.
“Ziyaqhubeka izingxoxo eziphakathi kwabaphathi benyuvesi nomkhandlu omele izitshudeni. Ukubhalisa kuqhubekile kuzona zonke izikhungo ngoLwesibili,” kusho i-UKZN.
ZIYAQHUBEKA izingxoxo phakathi kweMamelodi Sundowns namaqembu afuna umdlali wayo, uPercy Tau, oshaye umduvo wangalubhada ekhempini yokulungiselela isizini entsha, ekhala ngokuthi iqembu limvimbela ukuyodlala phesheya kwezilwandle.
ZIYAQHUBEKA izingxoxo phakathi kwePremier Soccer League (PSL) nohulumeni mayelana nokuvulela abalandeli bebhola enkundleni iMoses Mabhida Stadium, ngosuku lowamanqamu eMTN8 okungu-Okthoba 30.
“Ziyaqhubeka izingxoxo zokudedela abanye abadlali ababili noma ngaphezulu,” kuqhuba iChiefs kwi-website yayo.
ZIYAQHUBEKA izingxoxo zokuthi amabhanoyi akwaMango aqhubeke nokundiza yize iSouth African Airways Technical isabise ngokumisa ukuhlola la mabhanoyi ngenxa yesikweletu.
ZIYAQHUBEKA izinkinga nakulo nyaka esikoleni samabanga aphansi eMariannhill, eThekwini, okwamiswa kuso uthishanhloko, izolo othisha abaphindele emakhaya kuvalwe amasango.
Ziyaqhubeka nokukhula izinkinga kwiChiefs, esendaweni engajwayelekile kwi-log, ikakhulukazi njengoba izovakashela eCameroon iyodlala kwiCAF Champions League lingakapheli isonto.
ZIYAQHUBEKA nokumhambela kahle izinto uDJ wakuleli oqale unyaka ngokushadelwa njengoba ngoLwesithathu ebusuku ememezele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uzoba nguDJ wokuqala ukuhlala aphinde adlale endaweni yobumnandi, enkulu esanda kuvulwa eSpain.
ZIYAQHUBEKA nokwenyuka izibalo zothisha nabafundi abahaqeke ngegciwane leCovid-19 ezikoleni zaKwaZulu-Natal, njengoba isibalo sesenyuke safinyelela kwabangu-74.
ZIYAQINA izingxoxo phakathi kweMamelodi Sundowns no-Andile Jali ongenalo iqembu okwamanje.
ZIYAQINA izinsolo ngokuvuka kweMoroka Swallows, okuvela ukuthi abaphathi bayo bahlela ukuthenga iMaccabi FC edlala kwiNational First Division (NFD).
ZIYAQINA izinsolo zokuthi isilomo somsakazi woKhozi FM uKhathide "Tshatha" Ngobe, sizoncishiselwa izinhlelo kuKhozi FM.
Ziyaqina izinsolo zokuthi leli qembu elalaziwa ngePretoria City eminyakeni edlule, lisendalini. Nokho izikhulu zalo, uKhulu Sibiya ongusihlalo noStanley Matthews oyisikhulu esiphezulu, bayakuphika lokhu.
ZIYAQINA izinsolo zokuthi uBaxter kungenzeka aphinde aqubuke eNaturena ihlandla lesibili.
ZIYAQINA izinsolo zokuthi uRoberto Mancini, kungaba nguyena iSafa ezophephela kuyena ngemuva kokuchayiswa abaqeqeshi ababili ebinethemba lokuthi omunye wabo uzoqeqesha iBafana Bafana.
Ziyaqina izinsolo zokuthi uZekhethelo Shozi, ozibiza ngoMissShozi kwi-Instagram nonabalandeli abangu-139 000, angase abeyingxenye yalolu hlelo oluzobuya ekuqaleni konyaka ozayo.
ZIYAQONGA izibalo zabahaqwa yiCovid-19 kuleli njengoba kuvele ukuthi ngosuku bangu-4 236 abangenwe yileli gciwane.
ZIYAQONGA izinkinga enkampanini kagesi i-Eskom njengoba imemezele ukuthi izonqamula ugesi ngokwesigaba sesine kuze kube kusasa.
ZIYAQONGA izinkinga ezibhekene ne-ANC njengoba izolo ebusuku uNobhala jikelele uMnuz Ace Magashule eshenxise uMengameli Cyril Ramaphosa.
ZIYAQONGA izinkinga ezihambisana nezikweleti kwiNFP, okubukeka zingase ziphazamise leli qembu ezinhlelweni zokungenela ukhetho.
ZIYAQONGA izinkinga kumrepha wakuleli obalwa nabaphambili e-Africa, u-AKA, njengoba zilokhu zingene njalo izinsolo ezingezinhle ngaye ezinkundleni zokuxhamana selokhe kwafihlwa ingoduso yakhe, u-Anele “Nelli” Tembe.
ZIYAQONGA izinkinga kwi-ANC ngemuva kokuvela kwezinsolo zokudlwengula ezibhekiswe kwibamba lomkhulumeli wenhlangano, uMnuz Zizi Kodwa.
ZIYAQONGA izinkinga kwiBloemfontein Celtic okuvela ukuthi ishiywa yinqwaba yabadlali ngenxa yokungaholi nokungafezwa kwezethembiso zamabhonasi.
ZIYAQONGA izinkinga kwiNFP emuva kokuthi isigungu sikazwelonke sesikhashana seqembu sesithathe isinqumo sokuthi sikhombe indlela uSihlalo wenhlangano KwaZulu-Natal, uMnuz Vikizitha Mlotshwa.
Ziyashuba izinhlelo zabakuleli abangahambisani nokuthi uMiss SA osanda kuqokwa, uLalela Mswane, ukuthi ayomela elakuleli kuMiss Universe kwa-Israel.
ZIYASICHITHA isiphakamiso sokudilizwa kwabasebenzi abawu-4 700 eSouth African Airways izinyunyana ezimbili okuyiNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) neSouth African Cabin Crew Association (Sacca).
“Ziyasijabulisa lezi zindaba ngoba kusho ukuhlengwa kwemisebenzi ewu-143 ebizophela ukuba ayingenanga le mali. Okusithokozisayo wukuthi abafake imali bafuna ukwandisa imali abayitshalayo eZimbali okusho ukuthi kuzokwanda amathuba omsebenzi. Lokhu kuzovuselela umkhakha wezokuvakasha okhahlanyezwe yiCovid-19,” kusho uPillay.
“Ziyasishaqisa ezinye izinto ezivela kwikhomishini kaZondo. Sizobhekana nabathintekayo uma sesithole umbiko.”
Ziyavela izinkulumo ezithi isimo asisihle ngaphakathi kwiDA njengoba kukhona abamfuna ephumile uMaimane.
ZIYAVEVA iziguli ezilanda imishanguzo emtholampilo iVusithemba, ongaphakathi esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial eMlaza, ezifice amafayela azo esaphazeke phansi emnyango.
ZIYAVEVA izinyunyana zothisha KwaZulu-Natal ngesekhula yoMnyango wezeMfundo evimbela izikole ukuthi ziqashe othisha ngonyaka ozayo.
ZIYAVEVA izitshudeni zasesikhungweni semfundo ephakeme, i-University of KwaZulu-Natal, ophikweni lwayo oluseMgungungundlovu, zikhala ngezikubize ngonya kwiziphathimandla zenyuvesi, esinye isitshudeni sishonela endaweni okuhlala kuyo izitshudeni esemagcekeni enyuvesi.
ZIYAWUSHAYA kuMusa Mseleku nonkosikazi wakhe wokuqala uBusisiwe odume ngelikaMaCele.
Ziyaye zibheke lapho zingagawula khona zithathe abasakazi ezicabanga ukuthi baseqophelweni eliphezulu ukuze zizoqinisa amathimba azo.
- Ziyayithatha imoto nakuma-parking, imvama ngemuva kokukulandela
Ziye ekhefini iBafana ihamba phambili ngegoli
Ziye ekhefini ihamba phambili iSundowns, futhi kuyifanele kwazise udonga lweChiefs beludunyelwa ukube u-Anele Ngcongca noSirino bathathe izinqumo ezinhle kwi-18 yeChiefs bezizoshintsha mhlawumbe ihamba phambili ngamabili noma ngamathathu iSundowns.
Ziye ekhefini izivakashi zihamba phambili ngo 2-0. Izinguquko zikaKerr zimenzele phansi, kwazise phakathi kwabadlali abafakile kuvele no-Andriamirado “Dax” Andrianarimanana noLehlogonolo Maselesa.
Ziye ekhefini kuyilo iqembu laseMzansi elihamba phambili ngamaphuzu agalelwe nguBosch.
Ziye ekhefini lilodwa qhwaba ithuba elibe ingozi kuwona womabili amaqembu.
“Ziyehla izigaba zikathaqa, isimo siya ngokuya sibuyela kwesejwayelekile kodwa uhulumeni akayishintshi indlela athi asilayishe ngayo abagibeli abawu-10. Siyanikela ngalesi sibalo ekubeni ziphezulu izindleko zokugcina itekisi lisesimeni esikulungele ukuba semgwaqweni. Okwamanje ngeke sithwese abagibeli icala ngokuthi sinyuse imali yokugibela kodwa singangawuhloniphi noma yinini umthetho othi asilayishe abagibeli abawu-10, sivele silayishe abawu-15 etekisini ngoba vele izimvume zokusebenza zethu zisho njalo,” kusho uMaphumulo.
“Ziyehluka izinkinga ezixaka izingane, yingakho siyaye siqinisekise ukuthi siyazelapha ngokomphefumulo kuqala ukuze sikwazi ukunqanda izinkinga ezisuke zizikhungethe,” kusho uNkk Mkhize.
Ziye kulo mdlalo, abaqeqeshi bobabili uKaitano Tembo opheka Amatsatsantsa A Pitori, noMcCarthy befuna ukubeka umdlalo wokunqoba lesi sicoco bengabadlali, bephinde basinqobe sebengabaqeqeshi. UTembo unqobe lesi sicoco ngo-2004 sisabizwa nge-SAA Supa 8, kanti uMcCarthy usidle ngo-2011 esagijima kwi-Orlando Pirates. UMcCarthy uthe uyazwelana kakhulu noTembo.
Ziye kulo mdlalo iSuperSport kuyiyona ebithwelwe ngeqoma ngenxa yokuthi iyona kadeni ebivikela lesi sicoco eyayisinqobe ishaya iCity ngo 4-2 sekukhahlelwa amaphenathi enkundleni efanayo.
Ziye kulo mdlalo kungaziwa ukuthi iyozala nkomoni ngenxa yebhola elihle elidlalwa yila maqembu.
Ziyethusa izinto ebezikhishwa emlonyeni wumuntu omncane obeshada. Usekhombisile ukuthi akaphusile ngomqondo futhi uyahlambalaza.
“Ziyethusa izinto esizibonayo. Sifuna ukwazisa abantu bakuleli nabaKwaZulu-Natal ukuthi sizoqinisekisa ukuthi bazobhekana nomthetho labo abangayilandeli imigomo yokuvalwa kwezwe eyabekwa ngumengameli Cyril Rampahosa. Umengameli uzimisele ngokuvikela abantu bakuleli kwiCoronavirus.
“Ziyeza izikhathi zokuthi sitshelane esifuna ukutshelana kona. Kodwa ngoba lana size ngokuzokweseka uZuma, ngicela senze lokho esizokwenza.”
Ziye zatholakala ehlathini eliKwaMbonambi zimile kodwa engekho ozelusile.
ZIYIHAMBELA kahle izinto iTS Galaxy eshaye iCNaPS Sport yaseMadagascar ngo 1-0  emdlalweni womlenze wokuqala weCAF Confederations Cup izolo eMbombela Stadium.
ZIYIKHALELE indoda (36) esolwa ngokuqoba umshana wayo oneminyaka eyisishiyagalombili yamfaka emathoyilethi amabili ahlukene eBaldaskraal eDriefontein.
ZIYIKHALELE indodana esolwa ngokudubula uyise kade ezama ukuyishaya eyiphuca isibhamu sakhe esisemthethweni okuthiwa besintshontshwe umsolwa eNkanini eMuden, ngaphandle kwaseGreytown.
ZIYIKHALELE inkosi yaseMatimatolo okuthiwa idlonye utshwala, yakhomba amalungu omphakathi ngesibhamu phakathi enkantolo yesizwe kule ndawo kunembizo ebibizwe yiyona ngoLwesibili.
ZIYIKHALELE intokazi ekhwele yadilika esikhulwini se-ANC KwaZulu-Natal esiphinde sibe yilungu lesiShayamthetho uMnuz Jomo Sibiya, isisola ngokuphika ingane yaso.
ZIYIKHALELE inyanga eyenge abesifazane ababili ngokuthi izobageza amabhadi kanti ihlela 'ukubadlwengula' emzini wayo oseClermont, eThekwini.
ZIYIME emthumeni emaqenjini ezepolitiki aphezu kwezingxoxo zokubambisana komasipala abakhulu bakuleli okungekho kubo iqembu elinqobe ngamalengiso.
“Ziyimfihlo futhi ziyahlonishwa, awuzigqamisi ngazo. Nani njengephephandaba nenza iphutha nje ngokushicilela izithombe ezingiveza ngelapha uMshoza. Niphazamisa umsebenzi wami.
Ziyisikhombisa izifunda ezithole kusuka ku-80% kuya phezulu kwathi ezingu-5 zathola kusuka ku-77% zaya ku-79%.
Ziyisikhombisa izinguquko ezenziwe umqeqeshi weChiefs, uGiovanni Solinas, esikimini awine ngaso kwiCape Town City emdlalweni owandulela owayizolo. USolinas, ofike kuleli ezoqeqesha iFree State, ubebhekene no-Eymael obethishwe ukuthi kube uyena obezohlala esihlalweni sobukhosi kuMakhosi.
Ziyisi-shiyagalolunye izindawo ezisebenzisa amakhaza asePark Rynie ngokusho komsebenzi, okuwuMzinto, Scottsburgh, Sawoti, Kingsway, Dududu, Umkhomazi, Folweni, KwaMakhutha naseMbumbulu. Uthe izindawo ezandise isibalo nguMlaza, Isipingo, Amanzimtoti neNgonyameni.
Ziyisishiyagalolunye ngu-9 izikole okuthiwa ngezodaka kulesi sifundazwe. UMshengu uthe odabeni lwezikole zodaka ezintathu ziyakhiwa, ezimbili kukhishwe ithenda, kuthi ezine kunohlelo lwazo lokuthi bazidwebe.
Ziyisithupha izidumbu ebezisatholakele ngesikhathi siloba kanti amaphoyisa abekanisile endaweni ephenya. UCele uncome amaphoyisa wathi asebenze kanzima ukubopha abalisa ababaili futhi uthandazela ukuthi kube nobufakazi obuzobavalela.
Ziyisithupha izindawo zaKwaZulu-Natal ezingene kwezingu-30 ezweni eziphezulu ngamacala okubulala okunguMlaza, Nanda, KwaMashu, Plessislear eMgungundlovu, Mariannhill neMpumalanga eHammarsdale. INanda iphambili ezweni lonke emacaleni okudlwengula ilandelwe uMlaza.
ZIYOFUNDELA ubudokotela izitshudeni eziyisishiyagalombili eziphase ngamalengiso ezikoleni zaseMtubatuba.
ZIYOKHOHLWA zifile izingane ezimbili ebezisemotweni ngesikhathi abazali bazo beqothwa ngenhlamvu eMaswazini ngaphandle kwaseMgungundlovu, ngoMgqibelo ntambama.
“Ziyotholana phezulu izingqungqulu ngoba sibophele kakhulu. IMalini izosivulela ngomkhuleko bese kuyaqhutshekwa. Ngikhona nami noCharacter sizonandisa ngendlela yethu nesithemba ukuthi abantu bazoyijabulela. Abaculi abaningi bazobe becula bukhoma namabhendi,” kusho uProfessor.
Zize zagcina sezilitholile igoli lokubika izivakashi ngomzuzu ka-90 ngesikhathi uMvula ethola ibhola engamakiwe ebhokisini, walivalela enethini, umdlalo waphela ngo 2-1.
Zize zaya ekhefini iSundowns ingakhombisi ukuthi iyabona ukuthi isenkingeni uma umdlalo uqhubeka ngendlela obuqhubeka ngayo.
zize zivuke zingcolile sengathi bezizitika ngempela.
ZIZICELELE ikhefu izikhulu ze-ANC ezisolwa emacaleni ocansi  njengoba kusaqhubeka uphenyo lwamaphoyisa emuva kokuvulwa kwamacala.
Zizitike ngezoso neziphuzo zibuka ibhola kubhazabhaza wethelevishini egxunyekwe kule ndawo. Ngaphandle kwalokhu, ithimba lezokukhangisa kuleli phephandaba, ebeliholwa nguNoluthando Ngubane, liphinde labagixabeza ngezipho ezehlukene.
Zizobe zingekho izihlwele enkundleni kulo mqhudelwano wokuqala oseDubai, kodwa zizovunyelwa ukuthi zihambele owesibili edolobheni elifanayo ngempelasonto ezayo.
ZIZOBE ziqinile ezokuphepha eParktown eGoli lapho kuqhubeka khona iKhomishini kaZondo ephenya ngezinsolo zokulawulwa kombuso yidlanzana njengoba lowo owayenguMengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma, kulindeleke ukuthi avele khona kuleli sonto.
ZIZOBE ziqinile ezokuphepha namuhla eCity Hall, eThekwini njengoba kulindeleke ukuthi kushone ilanga isigaxiwe iketango yagcotshwa imeya entsha njengoba ixoshiwe ebiphethe.
ZIZOBE ziqinisiwe ezokuphepha kwinkundla yezemidlalo iMoses Mabhisa eThekwini emdlalweni wezimbangi ezinkulu i-Orlando Pirates ne-Kaizer Chiefs, kusasa.
ZIZOBE zithe chithi saka izivimbamgwaqo okuzohlolwa khona imininingwane yabashayeli bamaloli futhi kuvundululwe nalabo abangabokufika abangenawo amaphepha abagunyaza ukuthi babe seNingizimu Afrika.
ZIZODLA emaphaketheni amaqembu ePremier Soccer League (PSL) izindleko zokuhlala emgonqweni okuhloswe ngawo ukuvikela ukusabalala kwegciwane iCorona.
Zizodlala nePlatinum FC yaseZimbabwe, e-Orlando ngoMashi 3.Umzuliswano wokuqala walo mdlalo ekuhambeni waphela ngo 0-0. NgoMashi 16 zizovakashela iHoroya eGuinea ezayishaya ngo 3-0. Umdlalo wazo wokuqala ne-Esperance eSoweto waphela ngo 0-0.
Zizodlala umdlalo wazo ka-13 ngoDisemba 4 neStellenbosch, eDanie Craven, eStellenbosch.
ZIZODLANA imilala engqungqutheleni yokukhetha ubuholi obusha kwi-EFF KwaZulu-Natal eMgungundlovu kule mpelasonto kusuka ngoLwesihlanu kuze kube yiSonto.
ZIZODUDULANA izinkunzi okukade kwasa zithibelene phakathi kowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma nohlangothi lombuso oluzompheka ngebhodwe elincane njengoba kuzoqulwa icala lenkohlakalo.
ZIZOFAKA isicelo sebheyili izithandani zaseNkululekweni, e-Eastern Cape, eziboshelwe ukuphoqa umfana oneminyaka ewu-12 ukuthi adle indle yakhe ngempelasonto.
ZIZOFAKWA eNedbank nakwaBoxer izicelo zokuxhaswa kwezipaza namanye amabhizinisi amancane okuzokhishwa wuMnyango wamaBhizinisi amaNcane.
ZIZOFUNDA zifake izifonyo izitshudeni zeBiomedical ezibuyele eMangosuthu University of Technology, izolo.
ZIZOHLAWULISWA uR1 million noma u-10% wenzuzo eziyenzayo izinkampani ezinyusa intengo yokudla nemikhiqizo ehlukene njengoba izwe lizovalwa izinsuku eziwu-21 kusukela kusasa.
ZIZOHLEKA zodwa izinduna ngemuva kokumenyezelwa kokuthi zizonyuselwa iholo.
ZIZOHLEKA zodwa izitshudeni zasemanyuvesi nasemakolishi ezizothola uR2 900 wokuzibheka, izinyanga ezingu-10 ngonyaka.