input
stringlengths
1
130k
Ziningi kakhulu izinselelo ababhekana nazo kodwa balwa ukuze baphumelele. Kulokhu sinalolu suku sibhekene nefu elimnyama legciwane elihlasele emhlabeni wonke. Okwamanje bangaphezu kuka-97 000 abantu abathelelekile, bangaphezu kuka-3 000 asebeshonile. Igciwane lizosiphazamisa kakhulu ekufezeni izifiso zethu zika-2063 ze-African Union (AU), zokwethula ukuhlangana ngempumelelo e-Afrika,” kusho uRamaphosa.
Ziningi ke izizathu ezingenza umuntu wesifazane aphelelwe ilukuluku lokuya ocansini.
Ziningi nezinto ezenziwayo uma owesifazane ezothola umntwana, njengokubikwa kwesisu kubo kayise wengane, ukwenziwa kwebaby shower, ukuyetha amagama, ukuyibheka ubulili kanjalo nokuthengwa kwezimpahla nokulungiselela kabusha igumbi ezolala kulo nonina.
Ziningi nezinye izikhulu zomnyango nothisha abamiswa ngesikhathi sikaDlungwane okubalwa nophethe imali.
Ziningi nezinye izingoma zabanye abaculi azozwakala kuzona njengamanje uProfessor nokubalwa ingoma entsha kaSpeedy enesigqi samaPiano ethi Come Duze, ekaThokozani Langa ethi Imnandi Lengoma naleyo apike kuyona uBabes Wodumo noMampintsha ethi Isibhaxu. Angingabazi ngempela ukuthi abantu basazodansa ngoba kusetshenziwe impela kuphekwa lezi zingoma. Ukuzinikela kwami emsebenzini wami kungenye yezindlela engizama ngayo ukukhombisa abangixhasayo ukuthi ngibonga angiphezi,” kubeka uProfessor.
Ziningi ngempela izinto esibhekene nazo ezinzima ngenxa yendlela abulawa ngayo, asizange sithole ukusizakala kusukela abulawa. Indaba yolibofuzo besilokhu sihamba singasizakali. Ngisho nomphenyi wecala naye ubengasilekeleli, kunalokho ubesikhaca athi ngeke asenzele yonke into. Asazi noma yingenxa yendlela ashona ngayo eyenze siphathwe ngale ndlela,” kusho uNgcobo. ZINKANI zababili phakathi kweNFP nabaholi bayo abagoloza ukuphuma ezikhundleni ePhalamende nasesiShayamthetho emuva kokuthola izincwadi ezibaxoshayo. Zinqobe imidlalo yasekuhambeni eWest Indies, e-Ireland naseSri Lanka. -Zinqumele ukuthi uzosebenzisa malini futhi ungadluli kuleyo mali ozibekele yona. “Zinsizwa nani zintokazi ngijabula kakhulu ukunitshela ukuthi ngizohambela Zinsizwa nezintombi zakithi ebezibhungukile akuqali ngani ukubhunguka futhi akekho umuntu oxoshwayo ekhaya uma esezule wadela wanethwa yizimvula zangaphandle. Nani nizokwamukeleka ngemfudumalo ekhaya vele lalingeke lishintshe leli bala elinsundu libe mhlophe niyohlezi ninjena nje. “Zintathu izifundazwe ezibanga ukusingatha lo mcimbi, iKZN, Free State neGauteng,” kusho uMotsoeneng. Zintathu izikole esezivaliwe ngemuva kokuthi othisha behlolwe kwatholakala ukuthi bahaqwe yileli gciwane. “Zintathu izinhlobo zaleli gciwane esezikhona kuleli elase-UK eselizishintshile, elitholakale eJapan okubuye kwathiwa ngelaseBrazil kanye 501Y.V2. Zontathu lezi zinhlobo zingakwazi ukushintshashintsha kaningi. Okwamanje asazi ukuthi yini eyenza ukuthi kuvele lamagciwane akamuva, kusho uSolwazi Oliviera.
Zintathu izinyanga eqede esikole. Bengizothi mhlawumbe ucikwa ukungawutholi umsebenzi.
“Zintathu izizathu ezisilethe lapha, esokuqala yileso sokuthi sikhulume nomndeni, sivakashele esiteshini samaphoyisa siphinde sibone indawo okwabulawelwa kuyo umfana. Umndeni wanelisekile ngomsebenzi owenziwa ngamaphoyisa ezingeni lesifundazwe kulolu daba kodwa bekungamele ngabe amaphoyisa esifundazwe enza umsebenzi kodwa bekumele wenziwe awesiteshi,” kusho uCele.
“Zintathu kuphela izikhungo zokumaka ezisenezinselelo ezincane ezilungisekayo. Sibanike isikhathi sokuthi zilungiswe.
“Zintathu kuphela izinhlangano ezikwazi ukugcwalisa izinkundla kuleli. I-ANC, iChiefs uma idlala nePirates nebandla iZCC. Sizoyigcwalisa iMabhida,” kusho uKodwa.
Zintonfontofo kangangokuthi ngisho uhamba ngo-120km/h awuzwa uze ubone uma ujeqeza ijubane.
Zinxenxa uhulumeni ukuthi asukume, aqhamuke namasu abambekayo azokwethulwa ePhalamende kubhungwe kabanzi ngawo ngenhloso yokukhalima isihlaza sokubulawa kwamaphoyisa.
ZINXUSE ubumbano kubasebenzi izimeya zemikhandlu yaKwaZulu-Natal ezishintshe izandla.
Zinxuse ukuthi kube nophenyo olunzulu ngonogada benkampani iMi7 Security Intelligence mayelana nembangela yemibhikisho enodlame kule nyuvesi.
ZINYELWE yinyoni esandleni izitshudeni ezingu-111, ezihlomule ngemifundaze ekhokhela zonke izindleko emikhakheni ehlukene yezempilo, eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
Zion Christian Church (ZCC), seliphumele obala lathi ngeke lona liqhubeke nokukhonza phezu kokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa ememezele ukuthi amabandla asengaqhubeka nokuhlangana adumise esigabeni sesithathu sikathaqa esiqala ngoMsombuluko.
Ziphathiswa okwabantu basenkulisa. Singabaqeqeshi sazi ukuthi sifundisela into eyenzekayo. Esibaqeqeshayo bazophuma bayosebenza engasekho obatotosayo. Sicela ukusebenza sakhe iphoyisa elizosebenza ngaphandle ngoba asidlali ibhayisikobho la senzela ukuthi umuntu aphume azi ukuthi kusetshenzwa kanjani noma kunzima kumele ube nendlela yokusebenza.
Ziphawula emva kwale nkulumo, izinyunyana zothisha zithe kuningi umnyango okusafanele ukulungise ngaphambi kokuba ukulungele ukubuyela kwabafundi ezikoleni.
“Ziphelile izinyanga ezintathu, asikaze sitshelwe lutho. Siyazi ukuthi amaphoyisa awavumelekile ukuteleka kodwa uma uhulumeni engazimisele ukusilalela sibona kungcono ukuthi siteleke ukuze uhulumeni asukumele udaba lwethu. Amaphoyisa awu-32 000 kuphela akhushulelwa izikhundla kwathi awu-45 000 ashiywa ngaphandle. Abanye bethu sebebe wo-constable iminyaka ewu-13 yize umthetho uthi kufanele ukhushulelwe isikhundla uma uwenza kahle umsebenzi wakho futhi ungenawo amacala,” kusho elinye iphoyisa elikhulume neSolezwe.
ZIPHENDUKE ihlaya izinqa zikasaziwayo ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukusabalala kwesithombe sakhe sakamuva ezishuthile.
Ziphezulu nezibalo zabakhulelwa besathomba abanye bahlukunyezwe ngokobulili. Lokhu kudalulwe izolo nguNkk Hope Ngobese, oyimenenja ophikweni lwezempilo kuMasipala weTheku, ngenkathi kwethulwa umkhankaso wokusiza amantombazane ehholo lomphakathi eMaoti, eNanda.
“Ziphinde zaboshwa ngoMsombuluko eLouwsberg. Bezivele eNkantolo yeMantshi eNcotshane ngoLwesibili. Icala lazo lahlehliselwa uFebhuwari 25 (kusasa),” kusho uGwala.
ZIPHINDE zaphazamiseka izinhlelo zamaBhokobhoko zokulungisela uchungechunge lwama-test okuhlelwe ukuthi awadlale namaBritish and Irish Lions, ngokubhuntsha komdlalo wesibili abezowudlala neGeorgia.
Ziphinde zashaya i-Orlando Pirates ngo-2-1 kuma-quarterfinal eMTN8.
ZIPHOTHULIWE izigcawu zaKwaZulu-Natal ebezenziwa yikomiti lezeMpilo ePhalamende zokulalela imibono yamalungu omphakathi mayelana nohlelo lomshwalense wezempilo iNHI.
Ziphuma ne-Audi Freeway Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km newarranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-160 000km.
Ziphuma neservice plan yeminyaka emine noma ephela uma usuhambe ibanga eliwu-60 000km, iwarranty yeminyaka emihlanu noma ephela ngemuva kuka-200 000km ne-AA Roadside Assistance yeminyaka emithathu. IFit Hybrid yona inewarranty yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-200 000km.
ZIPHUME ngesamagundane izikhulu zikaMasipala waseNdwedwe ngesikhathi zixoshiswa okwezinja umlimi epulazini lakhe kade zithi ziyopha abantu abasebenza behlala khona izijumbane zokudla, izifonyo nesibulalimagciwane izolo.
ZIPHUME ngesamagundane izitshudeni zaseDurban University of Technology izolo ngesikhathi kusha ibhasi ebeziligibele nebelilibangise esikhungweni iCity Campus, eThekwini.
ZIPHUME ngesamagundane izitshudeni zase-University of South Africa (Unisa) eThekwini ngesikhathi ezinye ebezibhikisha zijikijela ngamatshe nemigqomo kadoti zibhekise kwebeziqhubeka nokufunda.
ZIPHUME ngobuningi bazo izintokazi zekhasi labesifazane lodumo elikwiFacebook, iLadies House ukuyovula umuzi eziwakhele umndeni wakwaZuke kwaJ eMlaza izolo.
ZIQALA namhlanje izinhlelo zokufundisa abafundi abahleli emakhaya njengoba izwe livaliwe ngenxa yokubheduka kwegciwane iCorona.
ZIQALA ukudlala ndawonye eqenjini lesizwe ngo-Okthoba 2017 izinsizwa zakwaHazard, u-Eden nomfowabo omncane uThorgan, zibhakuzise inethi ngokuhlanganyela zasiza iThe Red Devils kaRoberto Martinez yanqoba ilandelana imidlalo eyishumi yokuhlungela i-2018 Fifa World Cup.
Ziqale izinkinga usikhulile. Akonakele yini uma umuntu umuzwa ethi emsamo ngibiza isibongo sasekhakho mama kodwa epasini ngibiza esikababa? Uke wayizwa indaba yemisamo emibili kuthiwa ihlalelana ndawonye, engiqonde amathongo phela. Uyaphuma uyosebenza unguDlamini kodwa uma usubuya uyobonga uMkhize?
Ziqale zafundana umdlalo uqala, kodwa iSundowns ibitatazela, ifuna ukusheshe ithole igoli ukuze izofaka ngaphansi kwengcindezi iChiefs.
“Ziqalile izingxoxo phakathi kweChiefs neSundowns. UMosimane useshilo ukuthi akanankinga ngokumdedela uBrockie inqobo nje uma ezothola uMahlasela. Nakuba seyihambile iminyaka yobudala kuBrockie kodwa kuthiwa u-Ernst Middendorp umbona engaba yikhambi ekushayeni amagoli. Angikuboni osekungavimba ngoba naye uBrockie uzwakala ekulangazelele ukuya eNaturena,” kubeka umthombo.
“Ziqalile izinhlelo zokuxoxa nabathintekayo ukuze behle ezikhundleni ngoba ngeke bakwazi ukuqhubeka basebenzele umphakathi besejele. Mayelana nodaba lokuthi bazolahlekelwa ngumholo, kwi-ANC sifika singamavolontiya sisebenzela umphakathi, abantu basuke bephila ngaphambi kokuvolontiya kwa-ANC futhi bazoqhubeka baphile noma sebengekho ezikhundleni. Uma sebethethwa amacala i-ANC iyobona ukuthi yikuphi lapho ingabajuba khona ngoba yithina esaya kwi-ANC, i-ANC ayizanga kuthina,” kusho uNtuli.
ziqaphele ukuthi isigwebo siyamhlumelelisa owenze icala, uyajeza aphinde athole isifundo sokuthi angaphinde enze icala elifanayo,” kusho yena.
ZIQHUBEKE kahle ngaphandle kwezinkinga izinhlelo zokubhalisa kuzona zonke izikhungo ze-University of KwaZulu-Natal, izolo.
ZIQHUBEKILE izinguquko esikwatini seMaritzburg United isayinisa umdlali waphambili uLelethu Skelem, obegijima kwiStellenbosch FC.
Ziqhubekile izinhlelo zokubhalisa e-University of KwaZulu-Natal. Kodwa kuthiwa kube nokuphazamiseka kwezinhlelo ngesikhathi kushiswa ibhilidi ophikweni lwayo, iHoward College.
ZIQHUBEKILE nokugqama izinkinga zeKaizer Chiefs idlala ngokulingana nomakoti iTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership obuseFNB Stadium izolo ebusuku. Udonga lwasemuva oluvuzayo, ubuthuntu babagadli nokungazethembi kuholele ekutheni Amakhosi alotsholwe ngo 3-0 izimbangi zawo ezinkulu iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates emidlalweni edlule.
ZIQINILE ezokuphepha eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu lapho kulindeleke ukuthi kuvele khona iMeya ye-ANC esolwa ngokubulala owayenguNobhala-jikelele we-ANCYL uMnuz Sindiso Magaqa.
ZISAGCWELE amathafa izigebengu okuthiwa zidubule owesifazane waseMlaza wafa ngesikhathi zimphanga.
ZISALE dengwane iziguli zasesibhedlela Osindisweni abasebenzi balesi sibhedlela beshiya phansi ukusebenza ngoLwesithathu bethi ngeke baqhubeke nokusebenza kusekhona izikhulu zesibhedlela abazisola ngokungaphathi kahle.
ZISALE dengwane iziqashi ezihlala eMkhumbane, eMayville,, izolo ekuseni ngenxa yomlilo okuthiwa udalwe wukuqhuma kukagesi emijondolo ebezihlala kuyo..
ZISALE zingenawo amanzi ezinye izindawo ezingaphansi koMasipala uMhlathuze ngemuva kokuthi osonkontileka abasebenzela lo masipala ngaphansi koMhlathuze Water bengenele isiteleka ezingekho emthethweni ngoMsombuluko.
ZISALE zishaqekile izitshudeni zaseDurban University of Technology (DUT) kulandela ukuzilengisa kwesinye sezitshudeni ezindlini ezihlala abafunda kulesi sikhungo ngoLwesithathu.
ZISALOKHU zimlandele njalo izinkinga uMasibusane “Zizou” Zongo owake wanconywa ngokuba ngomunye wabadlali abanekhono eliyisimanga eNingizimu Afrika.
Zisanda kukhishwa kabuhlungu kulo mqhudelwano, zishaywa yiRaja Casablanca yaseMorocco ngo-5-1 kwi-quarterfinal.
zisanda kuthola izindaba ezimnandi zokunombela ekuklelisweni kwamazwe adlala i-netball emhlabeni kwi-International Netball Federation.
ZISAQAQAMBA namanje izinhliziyo kubaphathi beBloemfontein Celtic ngezibabuli zabadlali abatashwe yi-Orlando Pirates kwiSiwelele esisahaqwe yinkinga yokushodelwa yimali.
Zisashaywe kwemibili kuphela kwiligi. Zisendaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu awu-12.
ZISAVALELEKE ngaphakathi e-University of Zululand (Ongoye) ezinye izitshudeni eziswele imali yokuphindela emakhaya emuva kokuvalwa kwenyuvesi ngoMsombuluko.
ZISAVALIWE izitolo zabokufika KwaMshayazafe, eNanda, ngemva kwesigameko lapho owokufika ebulale ngokudubula isakhamuzi ebesifuna ukushintshelwa impuphu, ngesonto eledlule.
“Zisazobakhona nezinye izinhlelo zokucishwa kukagesi kuleli ngezikhawu ezehlukene. Ezinye izikhungo zikagesi zindala sivumelene nebhodi ukuthi sizolanda onjoniyela bangaphandle ukuze sikwazi ukubuyisela uzinzo kwa-Eskom.”
ZISEBENZA zijeqeza izikhulu zoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal njengoba kunezikhulu ezinikwe izincwadi zokuthi zichaze ukuthi kungani kungamele zimiswe emsebenzini ngezinto ezithinta ukukhishwa kwamathenda.
Zisebenz’ ubusuku nemini zifun’ indlela yokungijuqa.
“Zisekhona izinselelo ezingakaxazululwa ngoba kuyaqhubeka ukuqashwa kwabokufika. Abashayeli abaningi bakuleli bahlezi emakhaya kusebenza abancane. Umqashi uqinisa ikhanda uma sibika ngezinkinga zethu kodwa lokho akusenzi sishise amaloli ngoba ekugcineni siyafuna ukusebenza ngawo,” kusho uZungu.
Zisekhona nokho izikhalo ngabantu abalokhu beqhubekile nokukhombisa ukuba ngosikhwili phambana nobhoko. Lezi zibalo bezingakakhombisi ukwehla nhlobo.
Zisembalwa izindawo ongathola khona umkhiqizo weSiwela Wines.
Zisembangweni wesicoco se-Absa Premiership lapho zingemuva ngamaphuzu amabili kwiMamelodi Sundowns esesicongweni.
Zisendaweni ka-13 kwi-log ngamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni eyishumi.
Zisendaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu awu-41 emuva kwemidlalo ewu-24. Eqhulwini kusahlezi iSundowns ngamaphuzu awu-44 emuva kwemidlalo ewu-24.
Zishaqise abaningi izindaba zokungcwatshwa kukaMnuz Ntokozo Billy Ngcobo (20) okuvele ukuthi umndeni uze waphoqeleka ukuthi usingcwabe singenalo ikhanda isidumbu sakhe emva kokuthi sase sihlale isikhathi eside emakhazeni njengoba abulawa ngoJanuwari nonyaka.
ZISHAQISE abantu abaningi izindaba zokudlula emhlabeni kwengwazi yomculi wokholo ebisho ngesihosho sezwi, uPeter "Kweks" Mokoena owaduma kwiPure Magic ngenoni elalithi Bhayi Lami nelithi Umuzi Wami.
ZISHAYA amakhala izinyunyana zothisha KwaZulu-Natal ngohlelo lokuqala kokusebenza kwamalungu azo zithi izikole azikakulungeli ukwamukela othisha nabafundi ngenxa yokushoda kwezinsiza zokulwa neCorona ezikoleni.
ZISHAYA amakhala izinyunyana zothisha KwaZulu-Natal ngokunyamalala kwezinsiza zokuzivikela ezifundeni ezintathu ezinkulu zezemfundo kulesi sifundazwe.
Zishaye i-Vodacom Bulls ngo 26-10, zaphinde zanqoba kwi-Toyota Free State Cheetahs ngo 33-29 ngeledlule. Ekhuluma izolo ngemuva kokuziqeqesha nezakhe eShark Tank, uWard uthe balindele umdlalo onzima kwiPumas.
ZISHAYISA ngovalo izibalo zakamuva ezikhishwe yiStats SA mayelana nokuntuleka kwamathuba emisebenzi kuleli okunovalo lokuthi zingase zinyuke ziye ku-50%, zisuka ku-30.1%.
ZISHE zangqongqa izingane ezintathu ezineminyaka ephakathi kwemithathu nemine KwaMatatane eXobho kuMasipala uBuhlebezwe.
*Zishintshe izinsuku ofaka ngazo imali ebhange.
Zishintshe kakhulu izinto manje nempilo yami ngoba umculo wami uma ngiwenza uyafika kubantu. Sekuyaphileka nezinto eziningi ebengizifisa zibonakala zenzeka kalula manje. Ngiyakwazi ukunakekela umndeni wami, ngiyaqashwa emicimbini futhi ngihlangana nabantu engangifisa ukuhlangana nabo.
Zishintshile izinto kwiTTM njengoba isinomphathi omusha u-Abram Sello. Lo macaphuna kusale kuthiwa usezinhlelweni zokushintsha igama laleli qembu laseLimpopo.
Zishintshile-ke nokho izinto kwiChampions League lapho leli qembu lishaye khona amagoli amathathu linqoba eMalawi.
Zishintshile-ke nokho izinto ngesikhathi uVusi Sibiya ebamba ibhola ngesandla ebhokisini kwavela iphenathi ethathwe wuWebber wayibeka enethini ngomzuzu ka-62.
ZISHIYE kukhalwa izikhukhula ezihlasele KwaZulu-Natal ngoMsombuluko ebusuku kwashona abantu abangu-51, kwathi inqwaba yalimala kanzima kwaphinde kwacekeleka phansi namakhulu emizi.
ZISIHAMBELA kahle isangoma sodumo lwezinkulumo ezakhaya ezinkundleni zokuxhumana njengoba sesinogologo obizwa ngaso. UPatricia Motsoeneng odume ngelikaGogo Skhotheni kubukeka zimhambela kahle izinto kulo nyaka njengoba muva nje kwethulwe iGogo Skhotheni Gin. Lokhu kujabulise abantu baningi ezinkundleni zokuxhumana kwazise akaconsi phansi ngempilo yakhe yobungoma.
“Zisihluphile kakhulu lezi zifundo kangangoba uma kuqala unyaka sizobuyela ohlelweni lokuqeqesha othisha. Kumanje silinde kuphothulwe ukuqashwa kwabeluleki ngezifundo nakho okuzosiza ukunyusa izinga kulezi zifundo. Asizogcina ngothisha kodwa sizoqeqesha ngisho othishanhloko ngoba sizimisele ukunyusa izinga lokufunda nokuphathwa kwezikole,” echaza.
ZISIKHALELE kwaphinde kwashiswa nomuzi waso isangoma esineminyaka engu-37 esisolwa ngokudlwengula siphindelela ithwasa eBambanani, KwaZibusele, ngaseNew Hanover.
ZISINDE kukubi izingane ezine ebezivaleleke endlini unina esendaweni yokucima ukoma, kungqongqa umuzi eWaterloo, eThekwini, ngeSonto ebusuku.
ZISINDE ngokulambisa iziguli nabasebenzi basesibhedlela saKwaMaphumulo emuva kokuthi isiguli esiphazamiseke emqondweni sishisa igumbi ebesilaliswe kulo. Umthombo waleli phephandaba ongathandanga ukudalulwa, uthe lesi siguli besivalelwe egunjini laso sodwa ngesikhathi sishisa ngoLwesibili ntambama.
ZISOBISHINI izikhulu zakwaSABC okukhona kuzo esibhekele ukusebenza kwale nhlangano, uMnuz Chris Maroleng, okuthiwa azilandelanga umthetho ngokuqasha umsakazi wezemidlalo uRobert Marawa.
ZISONDEZIWE izivivinyo zika-matric ebezizoqala ngoNovemba 1, kodwa ngenxa yokuthi ngaleli langa kuzobe kuvotwa kwashintsha i-timetable kwasondezwa ezinye zezifundo esezizoqala ngo-Okthoba 27.
Zisuka amagqozo kweka-2021/22, isishaywe omkhaya bayo iLamontville Golden Arrows neSekhukhune United.
Zisuka esiwombeni sesibili elakuleli bekungathi lithelwe ngezibonkolo, lihlasela kodwa ekugcineni alizange litholakale igoli. La maqembu adudulane kwaze kwafika esikhathini esengeziwe kodwa nakhona lanqaba igoli kwaphoqa ukuthi umpetha acaciswe ngokushaya amaphenathi.
ZISUKA nje ebhandeni ngifisa ukukubeka kucace ukuthi ukuhlehlisa usuku lokubuyela kothisha ezikoleni kusuka kuMsombuluko (Meyi 25) kuya kuLwesine (Meyi 28) kungumphumela wokubeka eqhulwini ukubaluleka nokuvikela impilo yabafundi nothisha.
Zisuka nje, imantshi ephethe icala uNkk Gwendolyn Robinson ithwale kanzima ngesikhathi ibuza ummangalelwa ngolimi azolukhuluma ngesikhathi kuqulwa icala.
Zisuka nje imizuzwana ingu-28 ibhodini, isitobha soSuthu uThapelo Nyongo senze iphutha sizama ukuphasela unozinti waso uSiyabonga Mbatha kodwa saphasa kancane umgadli weChiefs uLeornado Castro wabonga ngazo zombili wakhahlela kodwa lagoloza ukungena, ngeshwa lesitobha soSuthu uVan Heerden umkhonto wagwaza ekhaya.
Zisuka nje kungene amajaji avula uhlelo kwalandela abaphume kwiTop 10 yomncintiswano bacula bonke, okuyinto ethokozelwe ngabaningi abebethamele umcimbi nababukeli emakhaya abebebabaza ikhono leTop 10 ezinkundleni zokuxhumana.
“Zisuka nje ngazitshela ukuthi ngeke ngiye kulezi ziteshi okuya kuzo intsha efuna ukukhula. I-East Coast Radio ngasho ingakangiqashi ukuthi izoba yikhaya lami. Ngo-2010 ngaya khona. Kwakunezinhlelo zangempelasonto ababengibiza kuzona kodwa ngiyokwenza okuhlukile ekusakazeni. Zangisiza kakhulu lezo zinhlelo ngathola ithuba lokufunda lokuthi izinkinobho zakhona zishintshwa kanjani. Ngo2015 bangitshela ukuthi kunokuthile ababona bekudinga kimina. baqale ngokunginika izinhlelo zasebusuku ngezimpelasonto, kwaze kwaba ngithola olwantambama engisalwenza namanje,” kuchaza uBongani.
Zisukela ezinkulumeni zakhe zokuthi abamnyama baphathwa kabi ngamaNdiya KwaZulu-Natal, nokuthi abantu abamnyama babecindezelwe kakhulu uma uqhathanisa amaNdiya namakhaladi.
“Zisukile lezi zingane zazohlala esihlalweni esingemuva kwesikaNdlangisa, ube esethelwa utshwala, enye ixolise. Le okuthiwa uFezeka, iphendule ithi uxoliselani endodeni enempandla ongathola nokuthi ayilisikile ijwabu? Angibonanga ukuthi kwenzakalani emva kwalokho ngoba ngangibheke phambili, khwiqiqi, ngabona uNdlangisa eseyishaya. Angikwazanga ukumisa itekisi ngoba belihamba kuthelawayeka. Ngenkathi ngilimisa, ngicele lezi zingane ukuthi zehle ngoba bese zibahlukumezile abagibeli emotweni yomphakathi, zanqaba kwagcina sekwehla uNdlangisa.”
Zithe isinxephezelo sikaR20 000 esasikhokhwa kasanele ukubaphilisa izinyanga eziphakathi kwezintathu kuya kwezine, Njengoba abathola kuthiwa bangazifaki izicelo ezintsha, zithi kumele bavunyelwe ukufaka izicelo ezintsha.
Zithe kuke kuphele amasonto amanzi engekho.
ZITHELA izithelo ezinhle izinhlelo zeTransnet zokulwa nokwebiwa kwamakhebuli emuva kokuboshwa kwabasebenzi abane bale nkampani abasolwa ngobugebengu.
ZITHELEKE ngobuningi bazo izinkumbi zamalungu e-EFF ePhoenix, eThekwini, zizobhikisha zilwa nokubulawa kwabohlanga, okwenzeke ngesikhathi kunezibhelu kule ndawo ngenyanga edlule.
Zithe lokhu kubonakala ngokuthi kube nesiphakamiso sokuthi kunganyuswa amaholo abasebenzi iminyaka emithathu.
Zithe lolu daba zilubikile nasesiteshini samaphoyisa, eJeppe ukuze kuphenywe kabanzi ngalo.
Zithengane kwaze kwaba umdlalo uyaphela okushiya uTruter esimeni esinzima njengoba abaphathi babeshilo ngesikhathi bembuyisa ekhefini, ukuthi bazophoqeka ukwenza izinguquko uma isimo siqhubeka nokubhimba.